Zithwele kanzima izibhedlela zaseNdiya kulandela udlame

2016-07-13 19:00

Srinagar – Ukuhilizisana okudonse izinsuku ezine phakathi kwababhikishi abamelene neNdiya kanye namasosha kahulumeni, sekuthwalise kanzima izibhedlela zakuleliya lizwe.

Kuthiwa odokotela nabahlengikazi bakuthola kunzima ukusiza iziguli ngenxa yokukhathala.

Lolu dlame lushiye abantu abangu-31 beshonile kwathi abangaphezulu kuka-1 400 balimala.

OLUNYE UDABA: Kuhilizisane izimbangi eTunisia

Omunye wodokotela uthi umthamo womsebenzi mkhulu kakhulu ngakho bayehluleka ukubhekana nawo.

"Sesihlinze abantu ababalelwa ku-100 amehlo kulezi zinsuku ezintathu ezedlule. Abanye babo bazosala beziyimpumputhe,” kusho lo dokotela ngoLwesithathu.

Lolu dlambedlu luqubuke ngempelasonto ngemuva kokuthi amasosha kahulumeni ebulale umholi weHizbul Mujahideen, okuyinhlangano enkulu yamaphekulazikhuni elwisana nohulumeni waseNdiya.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.