Zithweswe icala 'izithandani ngokubulala' intombazane zizama ukuyidlwengula

2017-08-09 08:42

Norwich, New York - Iziphathimandla zaseNew York, zithi amadoda amabili achazwe njengezithandani athweswe icala lokubulala intombazane, 11, ngesikhathi ezama ukuyidlwengula emzini wawo.

Amaphoyisa athi, uTobias Rundstrom-Wooding, 34, noJames Brower, 36, babhekene necala lokubulala uJaycelyn O'Connor.

OLUNYE UDABA:Izogwetshwa intombi 'eyaphoqa' isoka ukuba lizibulale

Amaphoyisa abizelwa emzini wawo oseNorwich ngomhlaka-30 Julayi kulandela ukuthola umbiko ngengane yentombazane eyevele yaquleka, ayifica isishonile.

Ummeli uJoseph McBride, uthe u-O'Connor wacinywa umoya ngesikhathi bezama ukumdlwengula. Uthe isisulu besingudadewabo wendodana kaBrower ebesihlala nabo.

UBrower washushiswa ngoLwesine. URundstrom-Wooding washushiswa ngoMsombuluko. Ummeli wakhe, uScott Clippinger, uthe uRundstrom-Wooding "uzimisele nokulwa kuze kufike ekugcineni kuleli cala."

Bobabili bagqunwe esitokisini.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.