Zivale imigwaqo zibhikisha izakhamuzi zaKwaMashu

2017-07-21 18:00

Durban - Izakhamuzi zaKwaMashu, enyakatho yeTheku, ezibalelwa ku-300 zingene emgwaqeni zibhikishela ukuhamba kancane kokulethwa kwezidingo zomphakathi.

ULieutenant Colonel Thulani Zwane, okhulumela amaphoyisa uthe iboshiwe indoda evele yavulela ngenganono ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho.

Ibe isibekwa icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanjalo nezinhlamvu.

OLUNYE UDABA:Usukapakele kwelinye ilokishi umbhikisho wezindlu eGoli

UZwane uthe lo mbhikisho uqale ngoLwesihlanu ekuseni kanti akekho olimalile kuwo.

Kuphazamiseke imigwaqo emibili, uMalandela noNtombela, ngesikhathi izakhamuzi zivale imigwaqo ngamathayi avuthayo.

"Ngezithuba zabo -04:00 namuhla sithole umbiko ngabantu ababhikishayo kuMalandela Road. Amaphoyisa abesendaweni yesigameko eqaphe isimo," kusho uZwane.

Imibiko evela endaweni yesigameko ithi izakhamuzi zifuna uMasipala waseThekwini adingide nazo udaba lwezindlu.

 - Newswatch

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.