Ziyaqhubeka izingxoxo njengoba uMugabe enqaba ukushenxa

2017-11-17 09:06

Harare – UMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe, ongumholi omdala kunabo bonke emhlabeni, kubikwa ukuthi unqabile ukwehla esikhundleni ngesikhathi kunomhlangano ngoLwesine.

Kulo mhlangano ubexoxisana nezikhulu zombutho wezempi okuyizo ezishaqe amandla oMbuso kuleliya lizwe.

Lezi zingxoxo ebezibanjelwe eHarare ziza ngemuva kwezinsuku ezithe ukuba nzinyana kuye lapho amasosha abenkanise emigwaqeni emikhulu, aphinde ashaqa umsakazeli womphakathi ase ebophela uMugabe nomndeni wakhe ekhaya labo.

OLUNYE UDABA: INingizimu Afrika kumele ibhacise uMugabe kuleli - EFF

"Bahlanganile namhlanje (ngoLwesine). Uyenqaba ukwehla esikhundleni. Ngicabanga ukuthi uzama ukuqhuba isikhathi,” kusho umthombo osondelene nobuholi bombutho wezempi onqabile ukudalulwa igama.

Izimoto zikaMugabe zishaye ujenga zimyisa ezindlini zoMbuso lapho obekubanjelwe khona lo mhlangano obubandakanya nezithunywa zeSouthern African Development Community (SADC).

Umfundisi wamaKhatholika naye ubekhona ngesikhathi kuqhubeka lezi zingxoxo, ngokusho kombiko wephephandaba elingaphansi koMbuso, iHerald.

Isiteshi sikamabonakude esingaphansi koMbuso sitshengise uMugabe edlubhe isudi emi nomkhuzi wamasosha uGeneral Constantino Chiwenga obebonakala emamatheka, yena egqoke ezamasosha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.