Zizobabela enkantolo yabasebenzi izintatheli ezixoshiwe

2016-07-19 10:02

Johannesburg – Izintatheli ezine kwezingu-8 zaseSABC, ezafaka isicelo esiphuthumayo eNkantolo yoMthethosisekelo ngokumiswa kwazo, ngoLwesine zizophonsela inselelo isinqumo sokuxoshwa kwazo eNkantolo yezabaSebenzi

NgoMsombuluko ebusuku uJacques Steenkamp, Krivani Pillay, Suna Venter noFoeta Krige bathunyelelwe izincwadi zokuxoshwa ngokungaziphathi kahle kwabo.

Lezi zintatheli bezilwisana nemigomo emisha yaseSABC yokuvalwa kokusakazwa kwezindaba ezikhombisa imibhikisho enodlame.

Funda nalolu daba: Utholakale eshonile umlisa obelahlekile

U-Anton van der Bijl wenyunyana iSolidarity, obelokhu emele lezi zintatheli, uthi isizathu lezi zintatheli ezitshelwe sona ngokuxoshwa kwazo ukuthi zehlulekile ukuchazela abaphathi ukuthi kungani kungamele zixoshwe.

I-SABC yalile ukuphawula ngalolu daba, yathi ngeke ikhulume ngezindaba zayo zangaphakathi emphakathini.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.