Durban - Kubikwa ukuthi bahlela ukuyohlala eMelika ngokugcwele osaziwayo abasanda kubopha elikasofasilahlane esithe, uNandi Mngoma noZakhele Madida, odume ngelikaZakes Bantwini.
Laba bashada kungazi muntu emcimbini owawumncane eBallito, emasontweni amabili edlule.
Umbiko weSolezwe uthi laba bashada phambi kwabangani babo njengoba yayingekho yomibili imindeni kulo mshado.
“UZakes uhlela ukuthi benze yonke into ngohlelo lwesintu uma uNandi esebelethile ngoDisemba. Bahlela ukuthi abelethele eMelika khona bezothola ubuzwe ngoba bazimisele ngokufudukela khona,” kusho umthombo.
OLUNYE UDABA: UZakes Bantwini akawuvali umlomo ngoNandi Mngoma
Umthombo uqhuba ngokuthi uZakes unesifiso sokuyoqhuba umculo wakhe eMelika njengoba noMngoma eseqale ilebuli yemisiko yakhe ezodayiswa umhlaba wonke.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambilini umndeni kaMngoma walinqaba ilobolo likaMadida ngoba bethi bafuna uMngoma aqhube izifundo zakhe.
Umthombo uthi laba bashade isigubhukane ngoba uMngoma usuke wakhulelwa.
Lezi zithandani azitholakalanga ukuba ziphawule.