Zizolugubha emzini wazo olwezithandani izitabane ezindala zaseWaterloo

2017-02-13 10:04

Durban - Zizogubha usuku lwezithandani (Valentine's Day) olukusasa ngoLwesibibili ngokuziphekela isidlo esikhethekile bese zizihlalela emzini wazo nabangani izitabane ezindala zaseWaterloo, enyakatho-ntshonalanga yeTheku esezineminyaka engaphezulu kwengama-20 zithandana.

UNkk Thokozile Menziwa (67) (inkosikazi) noNkk Mfana Menziwa (68) (indoda), bathi eminyakeni edlule bebezikhipha bayodla ngaphandle noma baye epaki bayozishayelwa wumoya, kodwa kulokhu baqome ukuluchithela ekhaya lolu suku.

UThokozile ungowokudabuka eCape Town kanti uMfana usuka eMpaphala eShowe, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal. UThokozile uthi ukukhuleka nokuxoxa nanganoma yini, yikhona okwenze uthando lwabo lwaqina njengokhonkolo.

OLUNYE UDABA: Isitabane sinqwaha nesidumbu, sithi yiso umakoti

Uthi bahlangane eminyakeni engaphezulu kwama-20 edlule esebenza njengomeluleki wengculaza negciwane layo.

"Ufike kimina emsebenzini ezohlolela igciwane lengculaza, okuthe sesiqedile, eseyitholile nemiphumela yakhe wangitshela ukuthi uyi-lesbian.

"Uqale lapho elokhu engeshela ngaze ngalukhipha ucu sengizwa ngimkhumbula uma ngingazange ngimbone," kusho uThokozile.

Uthi emuva kwalokho kabazange besabheka emuva, benze izinhlelo zokwazisa imindeni yabo ngothando lwabo zase ziwushaya ngowe-1998. "Kasikwazi ukuhlala ngaphandle komunye.

"Uma ngiye esitolo ngathatha isikhathi ukubuya, uvele angifonele abuze ukuthi sengihleli kuphi ngoba uyakhathazeka uma engangiboni," kusho uThokozile ebuka umyeni wakhe ngamehlo agcwele uthando.

Ebuzwa ukuthi benza njani ngemisebenzi yasendlini - ngabe bayehlukaniselana yini njengoba bengabantu besifazane bobabili - uthe: "Lapha ekhaya kuyaziwa ukuthi ngubani indoda, ngakho-ke umyeni wami akangeni ekhishini ngisho ngingaphilile ngigula kumele ngenza isiqiniseko sokuthi ngiyamphekela.

"Uma ngizohamba ngiye kodokotela njengoba sesihlala ngokugula nje, ngenza isiqiniseko sokuthi ngivuka kusempondozankomo ngipheke. Ngiyawasha ngihlanze indlu, yimina inkosikazi phela lapha ekhaya."

Uthi njengabo bonke abantu abashadile, kuyenzeka babe nokungaboni ngasolinye kodwa into ebasizayo wukuthi kabawenzi umkhululeko wokulala besadinelwene.

"Okunye siyisibonelo nabakwabanye abancane abathandana ngokobulili obufanayo. Ukuxabana kwethu kuzokwenza abasemuva kwethu bengabe besakholelwa emshadweni," kusho uNkk Menziwa.

Uthi uke waba nayo ingane ngaphambi kokuba ahlangane noMfana. Uthi indodakazi yakhe manje seyishadile, bake bayivakashele nomyeni wakhe.

Banayo ingane abayikhulisayo abayithathe emndenini wabo ngoba seyishonelwe ngabazali - asebeyikhulisa njengeyabo. Umfana uthi kuba buhlungu uma ebona isithandwa sakhe sigula njengoba sesihlala ngokungaphili.

"Ngiye ngikhuleke ukuthi uNkulunkulu sengathi angathatha mina kuqala ngoba uma kungahamba yena kuqala, kangazi ngingasala ngibe yini. Umkami uyinsika yalapha ekhaya, unginakelela ngayo yonke indlela, " kusho yena.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.