Zizongcwatshwa ngelizayo izelamani ezishone emlilweni

2017-01-21 18:29

Johannesburg – Izelamani ezintathu, ezishone ngesikhathi kusha umjondolo eSnake Park, eSoweto, zizongcwatshwa ngoLwesine.

Lezi zingane, zonke ezingaphansi kweminyaka eyisithupha ubudala, bezilele ngoLwesithathu ekuseni ngesikhathi umuzi wakubo wokheleka ngomlilo.

Omakhelwane bathi abazali balezi zingane, bona abasindile kulo mlilo, bebenezinkinga emshadweni.

Nokho isihlobo sezisulu sinxuse ukuthi aphele amahlebezi mayelana nalo mlilo.

OLUNYE UDABA: Usizi kushona ugogo nabazakulu ababili emlilweni

“Singumndeni sicela ukuthi amahemuhemu amayelana nomlilo aphele. Ayisiphathi kahle indaba yalezi zinsolo ezikhona njengamanje,” kusho okhulumela umndeni uJabu Mthomo.

“Ukuba nezinsolo nokubabuza ngokwenzekile kuyobe kusho ukuthi asinabo ubuntu.”

UMnyango wezeNhlalakahle eGauteng uyawulekelela lo mndeni ngezidingongqangi.

Okwamanje akucaci ukuthi yini edale lo mlilo kanti amaphoyisa avule idokodo ngokufa kwabantu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.