Zizonqanyulwa izinhlelo ‘zamaGupta’ kuSABC

2017-05-30 12:30

Johannesburg – Kubikwa ukuthi ibhodi elisha leSABC selizwakalise okukhulu ukungenami ngesivumelweno esiphakathi kweSABC nephephandaba lamaGupta, iThe New Age (TNA), kubika iThe Huffington Post.

Kulokho okubukeka njengesinyathelo sakamuva seleli bhodi leSABC sokukhuculula le nhlangano yezokusakaza, isivumelwano seSABC esasusa umsindo neThe New Age kanye nesiteshi sezindaba, i-ANN7, naso okungesamaGupta sizonqanyulwa, ngokombiko wephephandaba iBusiness Day ngoLwesibili.

Leli phephandaba lithi lithole ulwazi lokuthi ibhodi lesikhashana leSABC lifuna ukunqamula izivumelwano "ezinobukhoshokhosho" ezenziwa yiSABC, ikakhulukazi iTNA Morning Live Show, nalapho iSABC isakaza bukhoma uhlelo lwesidlo sasekuseni sosomabhizinisi nezikhulu zikahulumeni esisuke sihlelwe yiTNA.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Konke okumele ukwazi nge-Nokia 3310 esiqale ukudayisa kuleli

Umthombo ongathandanga ukudalulwa okhulume neBusiness Day uthi lesi ngesinye sezivumelwano leli bhodi elisha elinganeme ngazo.

“Akusikho kuphela ukuthi inkontileka ayiqondile, kodwa akuwenzi umqondo wezezimali ukuthi iSABC ihlale esivumelwaneni nesiteshi esiyizimbangi,” umthombo kubikwa ukuthi usho kanjalo.

Ngokombiko weBusiness Day, ikomiti lasePhalamende eliphenya ngeSABC ngaphambilini lezwa ukuthi iSABC ikhokhe imali engafinyelela ku-R1 million ngesiqephu ngasinye seTNA Morning Live Show. Kubika ukuthi lokhu kwadalulwa olwazini olwanikwa ikomiti yilowo owayeyisikhulu esiphezulu kwaSABC, uPhil Molefe.

Leli komiti laphinde lezwa ngalowo owayeyi-Contributing Editor, uVuyo Mvoko, nowachaza ukuthi iSABC iyona ethwala zonke izindleko zokudidiyela uhlelo ekubeni inzuzo eyenziwayo yonke iya kuTNA, iBusiness Day ibike kanjalo. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.