Zizowushaya kungekudala kumsakazi kamaskandi oyintandokazi

2017-03-23 19:29

Durban -  NgoMgqibelo umndeni kaNonhlanhla Ngcobo odume ngelikaMdonso uzokwamukela izinkomo zamalobolo endodakazi yawo.

Imibiko ithi isoka lale ntokazi esakaza umculo kamaskandi kuZululand FM lihlele ukuzishaya ziphelele izinkomo futhi likhiphe nezibizo ngosuku olulodwa.

Le ntokazi ithi sekunesikhathi eside ilangazelela ukuthola umaqondana ozoyithatha, kanti bese kukhona namahlebezi azungezayo okuthi ithandana nabantu abaningi njengoba bekungaziwa kahle-hle ukuthi ithandana nobani.

OLUNYE UDABA:Lidayisa "okwamagwinya ashisayo" ebusika eleGcokama Elisha

UMdonso utshele abeLANGA leTheku ukuthi lokhu okwenzekayo kuyena kuchaza ukuthi usengena kwesinye isigaba sempilo njengoba esezoba wumama umfundisi kwazise ulotsholwa wuMfundisi uNathan Potter webandla i-Open Door Assembly elizinze eShowe.

Le ntokazi ithi ayikholwanga ngesikhathi isoka layo liyitshela ukuthi lifuna ukuthumela abakhongi.

UMdonso uthe bakhethe ukwenza yonke into ngosuku olulodwa ukuze bagweme ukwenza imicimbi eminingi onyakeni owodwa.

"Sineminyaka emithathu sithandana kodwa indlela akhombise ngayo uthando kimina ingenze ngazibona ngingumuntu wesifazane osekulungele ukuphatha umuzi," kusho yena ezwakalisa intokozo yakhe ngalokhu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.