Zizungeza ezinkundleni izithombe zababulewe izolo

2017-08-15 14:02

Durban - Ngesonto eledlule, kwaba nesigameko sokudubulana phakathi kwamaphoyisa nabasolwa abebehamba ngemoto yohlobo lweMercedes Benz, kuN2 ngakuQueen Nandi.

Amaphoyisa abona le moto inabantu abangu-5 phakathi azama ukuyimisa, kodwa abasolwa bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni base bebaleka.

Isigameko sadala esikhulu isiminyaminya kulo mgwaqo kulandela ukubulawa kwabasolwa abathathu kwalimala oyedwa.

Abasolwa abathathu abadutshulwa babulawa nguThulani Cele, 30, Lebohang Magwaza, 27, noMthokozisi Khafu, 33. Kwasinda umsolwa oyedwa osesibhedlela kanti oyedwa ukwazile ukuphunyuka wabaleka.

NgoMsombuluko, kuphindeke isigameko esifanayo ngesikhathi amaphoyisa abezelwa eHillcrest ngemuva kokuthi izigebengu ziphange imali konogada egalaji.

Amaphoyisa ahlangane nezigebengu ku-M13 nokuyilapho kuthathanwe khona ngenhlamvu. 

Kulokhu, kushone abasolwa bathathu kwalimala oyedwa osesibhedlela.

Izithombe zalaba basolwa zizungeza ezinkundleni zokuxhumana nokuyinto engajwayelekile kodwa abantu bathi ibambe ngakho.

Abantu bavumelana ngokuthi kulungile ukuthi lezi zithombe zizungeze emphakathini khona zizobona nezinye izigebengu ukuthi unjani umphumela wale mpilo eziyikhethile.

Mduduzi Kenneth Nsele Akusekho hlazo manje futhi vele abafele emanyaleni kuhle bavele nje kuze nabanye bezobona ukuthi ekugangeni akudlalwa kuyafiwa.singathi sisafihlani nje buka nayi indoda zolo lokhu ibulele u Nkosikazi wayo phambi kwabantwana so sizothi sisafihlani kodwa uma abantu besenza ukukhohlakala okunje?

Lindo Charles McGuye Kulunge mpela. Khona neminye imigulukudu engafuni ukuyosebenza izobona ukuthi akusiniswa mahleza manje.

Celiwe Mkhize Ooohhe hhay kodwa admin uma usushilo ukuthi kuyanyantisa ngathi ksuke sekwanele, sisuke sesibona nje ngomqondo.

Senzo Ndlela Ndlela Awazishaye amaphoyisa aze azinqume oqhoqhoqho ngeke phela eNingizimu Afrika sesihlala ngokwethuka njalo nje uma ziboshiwe zafika enkantolo zizifihla ubuso zingafuni sizibone ngakusasa sezingaphandle ngebheyili ziqhubeke zintshontshe noma zibulale abantu.

Siyabonga Kubeka Akulunganga nakuba abantu sebethatha sengathi amafilimu lezizinto ezenzekayo.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.