#ZumaVote: I-ANC ithi kuzoshaqeka izwe ngemiphumela ngoZuma

2017-08-08 14:35

Cape Town – Okhulumela i-African National Congress kuzwelonke, uthi abantu baseNingizimu Afrika bazomangala uma ngabe sekuphuma imiphumela ngevoti eliyimfihlo lokungabethembi ubuholi bukaMengameli Jacob Zuma, njengoba leli qembu selinxenxe amaLungu ePhalamende amaqembu aphikisayo ukuthi avote nalo.

UKodwa ubebukeka ejabule ngemuva kwekhokhasi yaleli qembu yangoLwesibili ngaphambi kokuba kuqale ukuvota, nalapho etshele khona iNews24 ukuthi amaLungu angu-151 esehlangane amaqembu aphikisayo awabumbene ewodwa.

“Iningi labo lizovota nathi. Uzomangala uma ngabe usubona imiphumela,” usho kanjalo ezintathelini.

OLUNYE UDABA: BUKA: UZuma uzifikele ngokwakhe ePhalamende ngaphambi kwevoti ‘lokumketula’

UKodwa uthi uKhongolose ubulokhu unxenxa amaLungu ePhalamende amaqembu aphikisayo angavumelani ngokuguqulwa kombuso.

“Umbuzo okumele ubuzwe: ‘Ngabe amaqembu aphikisayo asezilungiselele ukwamukela umphumela, uma ngabe umphumela kungesiwona lo abawufunayo?’

“I-ANC iluma kanzima, iluma njengegovu. Yenza isiqiniseko sokuthi labo abayizitha ze-ANC abaphumeleli,” usho kanjalo.

I-ANC ithi ayikuqondi ukuthi kungani kunentshisekelo engaka ngaleli voti ekubeni ayisikhombisa angaphambilini engazange abe yimpumelelo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.