#ZumaVote: Inkunzi emidwayidwa uMengameli uJacob Zuma akayindawo

2017-08-08 18:50

Durban - Asevote aqeda amalungu ephalamende kanti lokhu kushintsha izinto eziningi ngezombusazwe kuleli.

NgoMsombuluko uSomlomo wePhalemende uBaleka Mbete uveze ukuthi ivoti lokungamethembi uMengameli lizokwenziwa ngokuyimfihlo.

Lokhu kulandela isicela esafakwa ngamaqembu aphikisayo lapho ethi ukuvota ngokuyimfihlo kuzovikela namalungu eqembu elibusayo ukuba bavote ngaphandle kokwesaba kanye nokusatshiswa.

Lolu daba oselunezinyanga ludingidwa ludale olukhulu uqhekeko ikakhulukazi eqenjini eliphikisayo njengoba kukhona amalungu aleli qembu asephumele obala ngokuthi azovota ngonembeza wabo.

Lawa malungu afana noPravin Gordhan owayenguNgqongqoshe wezeziMali kanye noMakhosi Khoza ngabanye bamalungu aleli qembu akuveze ngokusobala ukuthi asekhathele yinkohlakalo eyenzeka kuleli lizwa futhi anxusa namanye amalungu ephalamende ukuba avote ngonembeza azibonakalise ukuthi asekhathele yilokhu okwenzekayo.

Lokhu, kanye nombiko wokulawulwa kombuso ngumndeni wakwa-Gupta kulethe elikhulu ifu elimnyama ebuholini bukaMengameli uJacob Zuma.

OLUNYE UDABA:#SecretBallot: USomlomo wePhalamende uthi akuvotwe ngokuyimfihlo

Lo mbiko waphuma ngesikhathi esibucayi kakhulu kanti selokhu waphuma sekuvele nama-"meyili" okuthiwa angubufakazi bokuthi umndeni wakwaGupta yiwona ngempela olawula izinhlaka ezimbalwa zezikhungo zikahulumeni futhi ulawula nongqongqoshe abathile kuleli.

Okwenza ingcindezi ibe nkulu kakhulu kuMengameli wukuthi sekusondele ukhetho lobuholi obusha kwi-ANC kanti lokhu kudale uqhekeko olukhulu kakhulu njengoba kunomdonsiswano mayelana nokuthi ubani ozohola le nhlangano.

Izinto zimapeketwane ku-ANC ngoba kumaqembuqembu ngaphakathi eqenjini elilodwa kanti nezinhlangano eziyingxenye yomfelandawonye nazo zithi zanele nguMengameli.

Njengoba seliphumile ivoti lasePhalamende elithi uMengameli akayi ndawo, lokhu kubonisa ngokusobala ukuthi mukhulu umsebenzi okumele wenziwe yiqembu elibusayo ukubuyisa isithunzi salo.

AMAVOTI:

Abathi ababuthembi ubuholi bukaMengameli bangu- 177

Abathi bayamethemba uMengameli bangu - 198

Bangu-9 abangazange bavote

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.